Izinganekwane types
Izinhlobo zezinganekwane ziyisithupha nazi izinhlobo: insumo , insumansumane , umzekeliso ,
inganeko , bese kuba ilezinhlobo ezimbili ezingabaliwe kwezinye izincwadi zesizulu: inganeko yezilwane
and inganekwane yesimanje .
Yini inganekwane? ngingathi inganekwane indaba exoxelwa izingane eyenzeka kodwa engelona iqiniso,
phela uma yenzeka sesingathi wumlando, inganekwane ngokujwayelekile kuba izilwane ezikhulumayo nezenza izinto,
zikhona nezinganekwane ezinabantu phakathi, ezinye izinganekwane kuba izilwane ezikhuluma nabantu.
Kuyenzeka futhi kube izinto ezingaphili ezinikezwa impilo, isibonelo: kunenganekwane yelahle elahamba layobhukuda nobhintshisi.
Ukufunda izinhlobo ngezinganekwane
Incazelo lapha ngezansi sichaza izinhlobo zezinganekwane ukuthi uzihlukanisa kanjani?
Izinhlobo zezinganekwane:
Zixoxelwani izinganekwane? Izinganekwane zixoxelwa izingane ezincane, zinesifundo ositholayo izinganekwane,
ezinye ke izinganekwane zixoxelwa ukujabulisa izingane.
Isikhathi esiningi izinganekwane zixoxwa ogogo nomkhulu bezixoxela izingane bese beyazibuza ukuthi zifundeni
kwinganekwane.
Isakhiwo senganekwane
yini isakhiwo senganekwane? KWASUKASUKELA inganekwane iqala ngamagama athi kwasukasukela, ayikaze iqale ngaphandle kwalamagama,
iyaye iqale ngomlingiswa obalulekile, iyaye iqale kanje, "kwasukasukela kwakhukhona ukhalulu",
Ngesinye iskhathi iyaqala ngomlingiswa owenze indaba yabakhona, isibonelo: "kwasukasukela kwakhukhona ibhubesi eligulayo"
uma isiphela inganekwane kuthiwa "cosicosi iyaphela" or "cosucosu iyaphela" kusuke lapho kutshelwa abalalele ukuthi indaba isiphelile.
Uma uxoxa inganekwane emini umila izimpondo
Izinganekwane zixoxwa ebusuku ngoba amazulu aba matasatasa emini, ubaba wekhaya wakha isibaya, umama wekhaya uyahlukula emasimini,
izingane ziyadlala noma zisize lapho zingasiza khona, isikhathi esihle sokuxoxwa kwazo kuke kube ntambama noma ebusuku sekuzolalwa.
Inganekwane isibonelo
Kwasukasukela. Kwakukhona indoda eyayihlala nonkosikazi labashadikazi babekhala bengashayiwe (bayahlupheka).
Indoda lena yayiphila ngokudoba izinhlanzi izithengise emakethe eseduze.
Ngelinye ilanga indoda idobe usuku lonke kodwa kungaqhamuki ngisho neyodwa inhlanzi.
Kwathi lapho indoda seyihlela ukugoduka "Qhamu inhlanzi".
Umdobi wathokoza ezitshela ukuthi sebeyolala bedle yona ntambama, kuthe lapho eyikhipha emanzini
waxakeka ngoba kuyinhlanzi lena enemibala eminingi.
Wathi nje eqeda ukuyikhipha udobo emlonyeni yabe isikhefuzela inhlanzi. Yabe isikhuluma
"ngiyaxolisa mnumzane wami ngicela ungangidli bandla, ungahambi nami ngizokwenzela noma yini oyifunayo".
Indoda yathuka kakhulu ibona inhlanzi ekhulumayo.
Nangempela indoda yavuma ukudedela inhlanzi,Yabeseyithi indoda izoke iyoxoxa nomfazi ekhaya ukuthi badingani?
Yabese ithi lenhlanzi izobakhona emfuleni izinsuku ezingamashumi amathathu (30) nje kuphela
emvakwalokho iyahamba eya kweminye imifula, kodwa konke akufunayo lobaba eze azokucela izothi ihamba
uyobe enakho konke akufunayo lobaba.
Nangempela lobaba wahamba waya kwakhe eyokhulumisana nonkosikazi ngezinto abazozidinga kulenhlanzi.
Uma efika ekhaya wayibeka indaba bavumelana ngokuthi bazocela indlu enkulu enamafasitela amakhulu nemali eningi.
Ngakusasa ngempela umdobi waya emfuleni wafika inhlanzi isimlindile, wacela indlu kanye nemali eningi.
Yabese iyathembisa inhlanzi ukuthi uzothi efika ekhaya athole konke sekulungile. Abonge agoduke umdobi.
Nangempela wathi eqhamukela ekhaya wabona isithabathaba somuzi wajabula,
Wafika ekhaya kukuhle ngempela nonkosikazi eneme.
Kwahamba izinsuku waqala wabalisa unkosikazi ethi "lendlu inkulu kakhulu namafastela makhulu angisakwazi ukunakekela lomuzi omkhulu kanje"
Ahambeke umdobi abuyele enhlanzini afike athi inhlanzi mayenze anciphe amawindi.
Hayi nangempela yenza njalo indoda kwaba njengokusho komfazi
Anciphake amawindi,
Esemancane amawindi yaphinda yakhalalaza inkosikazi yathi lamawindi asemaningi kakhulu akayowakhipha wonke kuvaleke ngci kwakhe.
Nangempela indoda iphindele kwinhlanzi emfuleni. Uma ibuya indoda
ifika endlini sekumnyama, akusabonwana waphinda umfazi wathi "buyela emfuleni utshele inhlanzi ikhiphe uphahla lwendlu ukuze kuzokhanya"
Yabuyela indoda yafike yasho futhi kwinhlanzi, kwenzeka uphahla lwasuka, kwabakuhle kwadela , kanti izulu lizohloma lilethe amakhaza nemvula
indlu ayisenaphahla, unkosikazi wathi yena usefuna indlu yakhe yakudala.
Nangempela wahamba ubaba umdobi mayefika akayitholi inhlanzi yezimanga,
wahlala phansi wayimemeza inhlanzi kaningi ephindelelela, kwazekwaphuma ixoxo elalithukuthele liganwe umwabu,
Lamthethisa ixoxo "Mnumzane wami, sizama ukulala nabantwana kudala usibangela umsindo" ixoxo lamkhumbuza ukuthi
izinsuku ezingamashumi amathathu (30) ezazishiwo yinhlanzi ziphelile.
Yahamba indoda idangele, ibuyela ekhaya, yafica kwayo kugcwele amanzi aphuma phezulu ngophahla ngoba kwakungekho ngisho imbobo
eyodwa yokuphuma amanzi ngaphandle kophahla nalo olungekho.
UNkosikazi wayeme phandle ebukela ikwakhe eseliphenduke idamu lamanzi.
Kulomndeni baqala phansi futhi bahlupheka.
Cosicosi iyaphela.
Isifundo sini osithola kulenganekwane?
Inganekwane umsebenzi wasekhaya
Phendula lemibuzo engezansi ngalenganekwane engenhla oyifundile.
Uhlobo lwenganekwane?
Bhala abalingiswa abasenganekwaneni?
kule nganekwane khipha isihloko, uhlaka, isingeniso, umzimba Kanye nesiphetho
Yisho okuthandile ngalendaba
Yisho isifundo osifundile kulenganekwane
Imibuzo okumele uyazi ngezinganekwane
Chaza leligama elithi inganekwane
Uyini umsebenzi wenganekwane?
Kungani zibizwa ngokuthi yizinganekwane?
Bhala izinhlobo ezintathu zezinganekwane
Sinjani isakhiwo senganekwane?
Zivame ukubhekiswa kobani izinganekwane?
Zinabalingisi abanjani izinganekwane?
Yini inhloso yenganekwane?
Funda incazelo yezinganekwane ngesingisi
Izinganekwne explained in english
Inganekwane kaChakide
Inganekwane in zulu example
Kwasuke sukela. Kwakukhona uChakide , UChakide lo kwakunento eyayimdida yokuthi njalo ulala edlile esuthi evuke elambile.
Wabese eyasola ukuthi kunomuntu odla lokudla okusesiswini sakhe,
wahamba wayobuza ezinye izilwane ngabe kwenziwa yini lokhu?
lutho bonke abazi, abuze nakomunye uchakide naye unaleyo nkinga ahambe aze athole uKhalulu,
loKhalulu yena "ayi nami bekungenza lokho kanti umngani wami odla okudla,Yithi mawuzolala uphathe iwisa wenze ngathi ulele uzombona"
Awu ajabule uChakide abuyela ekhaya lakhe, wafika wadonsa iwisa lakhe waliphulula, ecula kancane
wase elala ebheka phezulu wamisa amadolo wazumeka esamise amadolo uthe mayephaphama
wabona isithunzi kanti amadolo akhe washo ngenhliziyo ngayibamba lento edla ukudla kwami namhlanje liyishonele,
washaya uchakide kanti usezishaya amadolo ngewisa kwazwakala ememeza sizani booo
Cosi cosi yaphela
Funda uqhubeke
umuthi wokuphasa wama students
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Join Grade 12 students whatsapp group
Grade 12 Matric whatsapp groups
Inganekwane yekati eliculayo
Kwasukasukela kwakukhona uMlungu👨 ,nenkosikazi yakhe nabantwana bakhe nekati elisile 🐈elihlala noMlungu.
Njalo lo Mlungu ehlezi ehamba eya emsebenzini. Ngelinye ilanga uMlungu ehambile eya emsebenzini.
Ikati laliyazi yonke into eyenziwa uMlungu.
Ngelinye ilanga umama wenza iphutha wavula into ekungamele ayivule wabona amakhanda abantu waze wakhombisa
izingane zakhe kanti iKati liyamubona. Wabuya uMlungu emsebenzini ikati lamubizela phandle
Ikati: Mlungu inkosikazi yakho ivule umphongolo yabona yonke into ephakathi.
Mlungu: Ini?
Wakwata uMlungu walanda ucelemba wakhe wawusebenzisa kunkosikazi wakhe nezingane zakhe wathatha amakhanda
wawafaka emphongolweni
Ngelinye ilanga kwafika intombazane izofuna umsebenzi wavuma umlungu.
Mlungu: Ntombazane
Ntombazane: yebo Mlungu
Mlungu: Ngicela ungikilinele lendlu uphinde upheke ugeze nezitsha ukhe namanzi uwafake kuloyamphongolo ongakwaRight,ungawafaki kumphongolo lo ongakwaLeft.
Ntombazane:Yebo Mlungu ngiyezwa.
Kudlule iViki lokuqala isebenze kahle intombazane. Ikiline endlini,ipheke ukudla,ikhe amanzi ngendlela eshongayo uMlungu
Kudlule elesibili iviki isebenze kahle intombazane. Njalo makuphela iviki ayinike imali yayo intombazane kufike iviki lesithathu ikhohlwe intombazane ivule umphongolo onamakhanda abantu kanti ikati liyayi buka intombazane
Lavele lacula ikati...Lathi
Ikati: ngizomutsheli uBasi ukuthi intombazane ivule emphongolweni yabona amakhanda abantu
Ntombazane: kati kati ngicela unangicebi.
Laqhubeka lacula iKati....
Ikati:ngizomutshela ubasi ukuthi intombazane ivule emphongolweni yabona amakhanda abantu
Ntombazane: Kati ngicela ungangicebi ngizokwenzela amasi
Kati: ngenzele ngeke ngikucebe
Nangempela intombazane yalenzela ikati amasi ladla ikati lazelaqeda
Maliqeda ikati ukudla lacula futhi
Ikati:ngizomutshela ubasi ukuth intombazane ivule emphongolweni yabona amakhanda abantu
Intombazane ayisazi ukuth yenzeni
Intombazane yathatha isaloThephu yabopha iKati umlomo Lacula ikati selihhumuza
Ikati:Mmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmmm
Wafika uMlungu wafica ikati lakhe licula liHhumuza
Wathi uMlungu Kati, kati uthini?
Lahhumuza ikati
Ikati: Mmmmmmmmmmmmmm
Wagcina eliqaqile iKati umlungu Lacula iKati lathi
Ikati:ngizomutshela ubasi ukuthi intombazane ivule emphongolweni yabona amakhanda abantu,yabona amakhanda abantu.
Umlungu wayikhipha ikhanda intombazane walifaka emphongolweni
Cosi cosi yaphela
Ezinye izihloko zaka grade 12
Funda izingcezu zenkulumo
Comments
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?